|
Universal
Declaration of Human Rights Zulu Version | PDF version | Languages Regions Sources |
Source: Other Sources (Community Law Centre, Durban, South Africa) | Feedback | |
Total Speakers 9,140,000 Usage by Country Home Speakers: South Africa, Lesotho also Mozambique, Malawi and Swaziland History Zulu is one of the major Bantu languages of South Africa. The home of the Zulus, Zululand, is located in the province of Kwa Zulu Natal, in the easternmost part of the Republic of South Africa. The language is closely related to Xhosa, Ndebele and Siswati, the three belonging to the Nguni branch of the Bantu languages (Benue-Congo family). There are over 9 million speakers. It is a language of secondary education, used on the radio and in newspapers. Other urban dialects spoken by young people borrow abundantly from Zulu lexicon and syntax. | UMBHALO OGCWELE WOGUNYAZO LWAMALUNGELO OLUNTU JIKELELEIsanduleloNgokunjalo ukwamukelwa ngokuzuzwa kwesithunzi samalungelo alinganayo najwayelekile awowonke amalunga omndeni wesintu kuyisisekelo senkululeko, sobulungiswa noxolo emhlabeni, Ngokunjalo ukunganakwa nokwedelelwa kwamalungelo esintu kube nomphumela wezenzo zobuqaba eseziqede unembeza kubantu, kanye nomhlaba obhekwe isintu ukuba senamele inkululeko yokukhuluma nokukholwa, inkululeko yokungesabi futhi nokufuna kugunyazwe ugqozi kubobonke abantu, Ngokunjalo kudingekile, uma umuntu engenakuphoqwa ukulandela umgudu othize, njengendlela yokugcina, avukele ababusi nabacindezeli, ukuze amalungelo esintu avikelwe ngokubusa ngomthetho, Ngokunjalo kudingekile ukuba kwenyuswe ukuthuthukiswa kobungane nobudlelwane phakathi kwezizwe, Ngokunjalo abantu beNhlangano yeZizwe bayinqinisile inkolo yabo yengqalasizinda yamalungelo oluntu kuCharter, esithunzini nobuntu emalungelweni alinganayo abesilisa nabesifazane futhi bazimisele ukuqhubela phambili inqubekelaphambili yomphakathi namazinga angcono empilo enkululekweni ethe xaxa, Ngokunjalo aMalunga eMibuso azibophezele mathupha ukuthuthukisa, ngokubambisana neNhlangano yeZizwe, ukuthuthukiswa kwenhlonipho emhlabeni wonke nokuqashelwa kwamalungelo oluntu nengqalasizinda yenkululeko, Ngokunjalo ukuqondwa kahle ngokufanayo kwalamalungelo nenkululeko kubaluleke kakhulu ukuze lokhu kuzibophezela kuqashelwe, MANJE, NGAKHOKE UMGWAMANDA UNQUMA uGunyazo lwaMalungelo oLuntu Jikelele njengezinga elifanayo lokuthuthukiswa kwabantu nezizwe zonke, ekugcineni okuzokwenza ukuthi umuntu ngamunye kunoma isiphi isigaba somphakathi ngokugcina lolawulo emqondweni baphokophelele ngokufundisa nangemfundo ukuphakamisa inhlonipho yalamalungelo nenkululeko futhi nangenqubekelaphambili, ezweni noma emhlabeni jikelele, baqinisekise ukwamukelwa okuvumelekile nokuqashelwa jikelele ndawozombili phakathi kwabantu baMalunga eMibuso qobo lwabo kanye nabantu abangaphansi kwemibuso yabo. Isigaba 1Bonke abantu bazalwa bekhululekile belingana ngesithunzi nangamalungelo. Bahlanganiswe wumcabango nangunembeza futhi kufanele baphathane ngomoya wobunye. Isigaba 2Wonke umuntu kumele awathole wonke lamalungelo nenkululeko ebhalwe kuloluGunyazo, ngale kokwehlukaniswa, ngokobuhlanga, ngokwebala, ngokobulili, ngokolimi, ngokwenkolo, ezombangazwe noma umbono, ubuzwe noma imvelaphi, umhlaba, ukuzalwa noma isiphi-ke nje esinye isimo. Ngaphezu kwaloko, akukho kuhlukaniswa okuyokwenziwa ngenxa yezombangazwe, isimo
sokwenganyelwa kwezwe noma imingcele yezwe umuntu ahlala kulo, noma ngabe uzimelegeqe,
ubanjelwe, ozibuse noma uphansi kolawulo olunqunyelwe. Isigaba 3Wonke umuntu unelungelo lempilo, lenkululeko nelokuphepha. Isigaba 4Akekho oyoba isigqila noma agqilazwe, ukuhweba ngezigqila kuyovinjwa ngezindlela zonke. Isigaba 5Akekho oyohlukunyezwa noma aphathwe ngobulwane ajeziswe ngokwehliswa isithunzi. Isigaba 6Wonke umuntu unelungelo lokwemukelwa nomaphi njengomuntu phambi komthetho. Isigaba 7Sonke siyalingana phambi komthetho futhi kufanele umthetho usivikele ngokulinganayo ngale kokubandlulula. Sonke kufanele sivikelwe ngokulinganayo ekubandlululweni, ngokungagcinwa kwaloluGunyazo futhi nasekukhuthazweni kwanoma luhloboluni lobandlululo. Isigaba 8Wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo oluyilo ezinkantolo ezibekiwe ngezenzo ezephula isisekelo samalungelo anikezwe wona umthethosisekelo noma umthetho. Isigaba 9Akekho oyoboshwa, avelelwe noma adingiswe ngokungekho emthethweni. Isigaba 10Wonke umuntu kumele alalelwe obala ngokulingana okugcwele nangeqiniso, inkantolo engavuni futhi ezimele, ekutholweni kwamalungelo akhe nezimiselo zakhe noma ngabe iliphi icala abekwe lona. Isigaba 11
Isigaba 12Akekho okuyogaxekwa, ngokungemthetho ezindabeni zakhe zangasese, emndenini, ekhaya noma ezincwadini azithumelayo nazitholayo, noma ukuhlaselwa kwesithunzi nokuhlonipheka kwakhe. Wonke umuntu unelungelo lokuvikelwa kulokho kuhlaselwa nokugxambukela. Isigaba 13
Isigaba 14
Isigaba 15
Isigaba 16
Isigaba 17
Isigaba 18Wonke umuntu unelungelo lokucabanga ngenkululeko, unembeza nenkolo, lelilungelo lihlanganisa inkululeko yokuguqula ukholo noma inkolelo noma ngabe eyedwa noma nabanye emphakathini, obala noma ngasese, ukucacisa inkolo noma ukukholwa kwakhe ngokufundisa, ngokwenza, nokukhonza nangokulandela. Isigaba 19Wonke umuntu unelungelo lokuveza umbono ngenkululeko, lelilungelo lihlanganisa inkululeko yokubeka imibono ngaphandle kokuthikanyezwa, futhi nokuthungatha, ukwamukela nokukhipha ulwazi nemiqondo nganoma iyiphi indlela yokusakaza ngale kwezihibe. Isigaba 20
Isigaba 21
Isigaba 22Wonke umuntu, njengelunga lomphakathi, unelungelo lukuphepha emphakathini futhi kufanele aziwe, ngemizamo yezwe nokubambisana kukazwelonke futhi nangokuhambisana nezinhlangano nemithombo yeMibuso ehlukene, kwezomnotho, amalungelo amasiko nenhlalo angenakulahlwa ngesithunzi sakhe nokuthuthukisa ubuyena ngenkululeko. Isigaba 23
Isigaba 24Wonke umuntu unelungelo lokuphumula nokungcebeleka, kuhlangene nemikhawuko yamahora okusebenza, namakhefu akhokhelwayo ezikhathini ezithize. Isigaba 25
Isigaba 26
Isigaba 27
Isigaba 28Wonke umuntu emphakathini nasemhlabeni kumele athole lamalungelo nenkululeko echazwe kuloluGunyazo. Isigaba 29
Isigaba 30Akukho lutho okukuloluGunyazo okuyohunyushwa ngokuthi kuthi uMbuso mumbe, iqembu noma umuntu unelungelo lokwenza noma isiphi isenzo sokuthikameza noma imaphi amalungebo nenkululeko echazwe ngaphezulu. | |
Received: 19980720 Posted: 19980720 Checked: 19981112 |
TOP HOME INSTRUMENTS DOCUMENTS INDEX SEARCH |